Inkulumo Yabasha Abathandanayo: Ukuthatha isinqumo sokuhlala ndawonye

Ingabe yisiphi isikhathi esilungele ukuthi ungahlalisana nothandana naye? Ungazitshela ukuthi ngobanakhu usothandweni kusho ukuthi yisona isikhathi, kanti ukuhlalisana nothandana naye kungabakha noma kubuqede ubudlelwano benu. Ukukhetha ukuhlala ndawonye yisinyathelo esikhulu, esidinga ukuthi basicabangisise kahle laba abahlela ukuhlalisana. Akukona ukuthi nizobe nihlalisana nje kuphela, kodwa kusho ukuthi senikhethe ukuthi nizophilisana.

Kubalulekile ukuthi ningagcini nijatshuliswa yilelicebo lokuhlala ndawonye nje kuphela, kodwa kumele nithathe isikhathi, nicabangele ikusasa. Abambalwa abasha abathandanayo basiphe uvo lwabo ngaloludaba. Naku abakushilo:

Hlelani indlela enisebenzisa ngayo imali
“Ukuhlala ndawonye kusho ukuthi kumele nixoxisane ngemali. Ngenhlanhla engithandana naye uyi- accountant, ngakho ke uyakwazi ukuhlela imali yethu. Selokhu saqala ukuhlala ndawonye sengibeke imali eningi kabi. Ngaphambi kokuthi ngihlale naye, nganginokusebenzisa imali yami ezintweni eziningi ezingenasidingo. Asebethathe isinqumo sokuhlala ndawonye, ngingabacebisa ngokuthi abahlale phansi, benze indlela yokusebenzisa imali ebheka ukuthi umuntu ngamunye uhola malini, futhi yiziphi izidingo anazo.” Safiya, 26

Iba nendawo yakho okwazi ukuba wedwa kuyona

“Kona kuzwakala kunzima ngoba uhlala naye endlini eyodwa lomuntu futhi uma ufika ekhaya ufikela kuyena, kodwa  ngesinye isikhathi ngiyaye ngifune ukuba neskhathi sami engisichitha ngingedwa, lokhu kubalulekile kimina. Kuhamba kuhambe ngizizwe ngifisa ukuzichithela isikhathi sami ngingedwa, kuyangijabulisa lokho, engikuthandayo nje wukuthi umuntu engithandana naye uyakuzwisisa lokho, futhi akakuxwayi. Ngijwayele ukufunda izincwadi, noma ngizilalelele umculo wami ngokuthula uma ngizichithela isikhathi sami sokuba ngedwa. Njengabantu abasha abathandanayo ngicabanga ukuthi kusemqoka ukuthi umuntu athole izinto akwazi ukuchitha ngazo isizungu, futhi azijabulelayo eyedwa ukuze ukwazi nawe ukubuye ushaywe umoya, uzijabulise ngaphandle komuntu othandana naye.” Anessa, 24

Ukukhuluma ngezinto kubalulekile

“Kuzwakala kuyinto wonke umuntu ajwayele ukuyisho, futhi engatheni, kodwa ingezinye yezinto ezibalulekile engizifundile selokhu ngaqala ukuhlalisana nengithandana naye kuleminyaka emithathu edlule. Ngihlezi ngifunaukwazi uvo lwentombi yami, ngisho kungathiwa ayivumelani nami. Ukuxoxisana ngezinto sekusisize kakhulu ukuthi sikwazi ukubhekana nezinto ezisihluphayo ngaphakathi, izinto ebesingakwazi ukubhekana nazo ngaphambi kokuthi mina naye sithandane. Uma nginenkinga, angithuli nje, noma ngihline ngilindele ukuthi azibonele ukuthi yini inkinga, ngihlala naye phansi, ngimutshele into engihluphayo mase silungisa izinto. Abantu abahlela ukuhlalisana nabathandana nabo ngingabaluleka ukuthi bazifundise ukuhlala phansi bakhulume uma kunokubahluphayo, noma kungathiwa kubukeka kunzima kangakanani. Uma ufuna ukukhula nomuntu, kumele umufunde ukuthi ungumuntu onjani.” Teboho,30

Hlukaniselanani umsebenzi wasendlini

“Mina ngingumuntu oyiqhathanzipho, ngakho ke kwakunzima ngenkathi mina nomuntu engithandana naye sisaqala ukuhlala ndawonye ngoba yena akafani nami, kodwa kwamele ngimjwayele. Ngangihlezi ngidinwa yindlela indlu yethu eyayihlale ingaqoqekile ngayo, ngaze ngathola indlela yokugcina indlu ihlanzekile, eyayisisebenzela sobabili, ngenza uhlelo olwalusihlukanisela imisebenzi yasendlini, eyasisebenzela kahle kakhulu. Mina nengithandana naye sesihlale ndawonye iminyaka emibili, futhi siphilisana kamnandi.” Karabo, 24

Ukukhetha ukuphila nomuntu omthandayo umsebenzi onzima. Uma wena nothandana naye senifuna ukuthatha isinyathelo sokuhlala ndawonye kwenzeni ngobuhlakani. Icabangisise kuqala, uqonde futhi ukuthi kunezinto eziningi ekuyomele uzishintshe ngawe futhi uzamukele ngaloyo ohlela ukuphila naye ukuze ubudlelwano benu bube yimpumelelo.

Ingabe uhlala nothandana naye? Yikuphi osukufundile selokhu naqala ukuhlala ndawonye? Singakujabulela ukwazi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Be Wise - Find your ideal plan with Stangen

We understand that you want to make wise choices that suit you. Use our cover calculator to easily get an idea of your cover requirements.

Need assistance? We'll call you back.

Why not subscribe?

What can you expect from us? We promise to keep content on this site relevant and useful so that you can make wise money choices.
Every time we knock out another great piece of “stay financially wise” content, we will send you a notification via email.