Ukubungaza usuku lwabantu besifazane- Wathint’Abafazi, Wathint’ Imbokodo

Lesisisho saqala ukuduma kwiculo elikhombisa isibindi Kanye namandla babantu besifazane emiphakathini yase Afrika. Abantu besifazane bayisisekelo sempilo futhi baziwa njengembokodo.

Umhlaka 9 August usuku lwabantu besimame bonke ukuthi balibungaze ngokuhlangana nabanye abesifazane nokuthelelana ulwazi kanye nobuhlakani. Kuningi osekwenziwe ekuthenini abesimame balingane nabesilisa ngokwe mpilo, kodwa kusanomsebenzi okumele wenziwe ekufekiseni lokho ngokuphelele. Asemaningi amaqembu kanye nemikhankaso ekhona eningizimu Africa akhuthaza amalungelo abantu besimame. I WomensNet  idlala indima yokuthi i-vule amathuba emisebenzi kanye nokunye iphinde isize ngokuxazulula ukungalingani ngokobulili la eNingizimu Africa.

Ngalolusuku kufanele njengabesimame sihlangane nomhlaba wonke ukuxhasa abesimame  ukuzesizizwe sikhululekile njengabantu besifazane. Thina eStangen sikholelwa ukuthi kumele sibenobuhlakani ukuze sibe nabaholi abaqotho bakusasa. Ngakho uma sibungaza amantombazane siwasiza ngokuthi babe ngomama, futhi babe ngamakhosikazi kanye nabaphathi abangcono.

eStangen sibuze abanye besifazane ukuthi kusho ukuthini ukuba ngumuntu wesifazane kulesizwe, nakhu abakuphendulile.

“ Abantu besifazane basebenze kanzima ukuthi bagcine sebehamba phambili kubantu besilisa, ikakhulukazi kwimisebenzi ekuvamise ukuthi kube ngeyabantu besilisa. Sizamile ukuthi nathi sibonakale ukuthi nathi siyakwazi ukwenza okwenziwa ngabantu besilisa. Nsuku zonke siyazama ukuthi konke esikwenzayo kube nomthelela omuhle. Ngingasho ngithi ngiyazigqaja ngabantu besifazane’.-Nomsa Umfundi

“Ngicabanga ukuthi kusemqoka ukuthi sinike ulwazi kwabesifazane abasebancane ngendlela abantu besimame benamandla ngakhona. Sizimisele ngokuqhubeka ukuthi sibe womama abangcono, abasebenzi kanye nabosomabhizinisi. Sihlala njalo sizama ukwenza ngcono. Sizimisele ukuqhubeka senze okuhle okwenza ukuthi sihambe phambili ezikoleni, emisemisebenzini, kanti singabaphathi futhi’.- Robyn 

“Njengomama nomuntu wesifazane ngiyajabula ukwazi ukuthi abantu besimame babalulekile. Kuyathokozisa ukwazi ukuthi laba abahambe phambili basivulela indlela ukuthi sibe lasikhona manje. Ngizizwa ngikhuthala, ngisebenza kanzima ukuthi ngibe wumama nowesifazane ongcono. Ukuba owesifazane kusho ukuphuma phambili noma ngabe kunjani nanokunakekela umndeni wakho nalabo esibathandayo’.- Katleho umama osemusha

“Sikhula! Abantu besimame babenganikwa amathuba, ngiyathokoza ukubona impumelelo yabantu besifazane, sinamalungelo alingene. Abesifazane abasebancane bavumelekile ukwenza lokhu abesilisa abakwenzayo. Kunomama abakhulisa izingane bebodwa, abasebenzayo futhi abangashadile. Ngakho bonke abesifazane bangakwazi ukufeza lokho abakufunayo empilweni’. – Mavivi Gogo

Usuku lwabantu besifazane jikelele luwu phawu lokubungaza abesimame ngendlela abayiyo nalabeqhamuka khona. Kuyintokozo kakhulu ukubona abesimame beqhakaza yize kunezihibe ekubeni yilokho abafuna ukuba yikhona emiphakathini yethu.

Singathokoza ukuzwa ukuthi lolusuku lusho ukuthini kuwena?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Be Wise - Find your ideal plan with Stangen

We understand that you want to make wise choices that suit you. Use our cover calculator to easily get an idea of your cover requirements.

Need assistance? We'll call you back.

Why not subscribe?

What can you expect from us? We promise to keep content on this site relevant and useful so that you can make wise money choices.
Every time we knock out another great piece of “stay financially wise” content, we will send you a notification via email.