Izindlela zokonga imali ngosuku lomshado

Usuku lomshado luvame ukuba nezindleko. Kuningi okumele ukucabange njengendawo esizoshadela kuyona, ukudla, umhlobiso kanye neziphuzo ezimnandi. Ngenhlanhla, akudingi ukuthi lezizinto zikucindizele futhi kwande imali oyikhiphayo. Ziningi izindlela zokwehlisa izindleko, ubuye uthole umshado wephupho lakho. 

Nanka amathiphu amahlanu azokusiza ngokonga imali yakho:

Ungazithengi izimbali zangampela

“Izimbali ziyabiza. Uma uzothenga izimbali zangampela, uzobona  imali yomshado wakho inyuka kakhulu. Ngokwami angisiboni isidingo salokho ngoba kuyinto yosuku olulodwa. Izimbali lezo zisazofa, ngakho ke kubalulekile ukuthi uzibuze ukuthi ngabe sikhona na  isidingo? 

Okuncono, thola izimbali zomkhohliso. Ziningi izindawo zokuqasha la ongazithola khona. Uma uzibona, kuyakholakala ukuthi akuzona izimbali zangempela.” -Shannon 

Enza lonke uhlelo lwakho endaweni eyodwa

Kuyabiza ukuqasha indawo yomcimbi. Uma ufuna ukwenza umkhosi womshado kanye nedili   ezindaweni ezihlukile, imali yomshado izonyuka. Okuncono, konke ukwenzele endaweni eyodwa. Ngokwenza njalo, uzokwehlisa imali yokuhlobisa kanye neyokuthutha izivakashi zomshado. 

Ngaphandle kokuthi uzolondoloza imali, ukwenza yonke into endaweni eyodwa kuzokwenza izinto zibelula kuwena nezivakashi zakho.”-Mbali 

Shadela enkantolo

“Ukushadela enkantolo konga imali kakhulu. Kube isinqumo esinzima ukuthi mina nomyeni wami sishadele enkantolo ngoba njengenjwayelo, wonke umuntu uyafisa ukuba nomshado omkhulu obukekayo. 

Noma sashedela enkantolo, bekade ngigqokile ingubo yami enhle emhlophe, umyeni wami waqgoka isudi lakhe. Abangane bethu abasondelene kakhulu nathi basifakazela enkantolo. Emva kwalokho, samema umndeni wethu kanye nabangane bethu ukuthi bazodla isidlo sasebsuku nathi, bazobungaza ukushada kwethu. Ngokwenza lokho, sakwazi ukubeka imali ezosiza mhla sifuna ukuya kwi-hanimuni yethu.”- Michaela 

Khetha usuku lakho lomshado ngobuhlakani

“Indawo oshadela kuyona iyona ezobiza kakhulu. Ngakho ke, khetha usuku lakho  lomshado ngobuhlakani. Uma kungenzeka, shada phakathi ko-Msumbuluko no-Lwesine. Ungashadi ngempelasonto ngoba amanani asuke enyuswe kakhulu ngaleso sikhathi.”- Banele 

Enza izimemo zakho ngocingo noma imeyili

“Kumnandi ukunikeza abakuhambelayo izimemo eziphathekayo, kodwa izimemo ezenziwe ngocingo zonga imali eningi futhi zenza izinto zisheshe. Ziningi izinhlelo zokusebenza ezingakusiza nje nge Canva, ungazakhele wena isimemo sakho osithandayo ocingweni. 

Uma ususenzile isimemo sakho,  ungasithumela ngocingo, noma nge imeyili kunokuthi ukhokhele umuntu osazophrinta, kuphinde futhi kufanele uzihambise izimemo.”- Sibaphiwe 

Ukhumbule ukuthi amalungiselelo womshado wakho kumele abemnandi futhi akuthokozise. Lolusuku lumela ukuhlangana kwenu kanye nothando lwenu – isiqalo sempilo yenu nindawonye. 

Uma uhlala uzikhumbuza lokho, uzobona ukuthi asikho isidingo salezizinto ezikucindezelayo ngalolusuku.  Zimele okuncane kakhulu uma usubukisisa kahle izinto ezikucindezelayo

Shiya okunye eceleni, ubhekane nothando lwenu! 🙂

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Be Wise - Find your ideal plan with Stangen

We understand that you want to make wise choices that suit you. Use our cover calculator to easily get an idea of your cover requirements.

Need assistance? We'll call you back.

Why not subscribe?

What can you expect from us? We promise to keep content on this site relevant and useful so that you can make wise money choices.
Every time we knock out another great piece of “stay financially wise” content, we will send you a notification via email.