Amathiphu Esikhombisa Abalulekile Wesuku Lakho Lomshado

Usuku lakho lomshado lungaba usuku olukujabulisayo noma olukukhathazayo kakhulu. Kuningi okumele ukucabange:ukudla, umculo, iziphuzo kanye nomhlobiso. Iziphi ezinye iziluleko ongazipha umuntu olungisela usuku lakhe lokushada?

Nazi amanye amathiphu aphuma ku abambalwa abasanda kushada.

Uma ungakwazi, gqoka isicathulo esiphansi. 

“Ngazisiza kakhulu ngokugqoka isicathulo esiphansi ngosuku lami lokushada. Ngaphambi kokuthi lufike lolusuku, uzobe usukade wakhathazwa amalungiselelo. Ukuze uthole ukukhululeka, beka ama- qhoksi eceleni, uzigqokele isicathulo sakho esiphansi, esihle. 

Umndeni wami kanye nabangani bami babehleka uma ngibatshela ngalesi senzo sami. Ngosuku lami lokushada, akekho noyedwa owayeyazi le ndaba ngoba vele ingubo yami yayiyinde. Okumnandi kakhulu ukuthi imina owadansa kakhulu ngosuku lwami!” – Nompumelelo

Khetha izimpelesi zakho ngobukhulu ubuhlakani.

Mkhulu umsebenzi wezimpelesi ngosuku lomshado. Akugcini ngokuthi zibe zinhle eduze kwakho. Ubuhle bempelesi bubonakala ngendlela aziphatha ngayo ngaphambi komshado. Khetha abantu abazokusiza, bakukhethise umhlobiso, bakuphelezele uyozwa ikhekhe – ngisho nokufona njalo, bezwe ukuthi amalungiselelo ahamba kanjani futhi bangakusiza ngani. 

Iba nesiqiniseko sokuthi izimpelesi zakho abantu abaqotho futhi abathembekile.” – Ayanda

Qinisa umthetho lohlu lwezimenywa

“Akuve kubalulekile ukuqinisa imithetho uma usumema abantu. Iba nesiqiniseko sokuthi abantu obamemayo bayakuhlonipha. Kumele basho uma bengeke baphumelele ukuba khona. 

Umshado uyabiza. Kuningi okumele ukucabange okudinga imali, futhi leyomali uzoyazi mhla wazi kuzobe kukhona abantu abangaki. Ngakho ke, kuhle ukwazi kuzoza bani ngaphambi kokuthi kukhishwe imali. Ungasabi ukusho ukuthi ongashongo ukuthi uzophumelela, ngeke angene. Okunye, ungayivumi indaba yabantu abafika nabanye abakade bengamenywanga!

Konke lokhu kubalulekile uma ufisa usuku lakho luhambe kahle nemali yakho isebenze kahle.” – Michaela

Khetha umphathi wohlelo ngobuhlakani

“Umphathi wohlelo ubalulekile. Ungasho ukuthi usuku lakho lomshado lusezandleni zakhe. Ngacela umzala wami ukuthi abe umphathi wohlelo emshadweni wami. Ngacela yena ngoba uwumuntu wamahlaya. La ekhona, kuhlezi kuhlekwa futhi kumnandi. Ebengingakwazi ikuthi umzala wami usho noma iliphi ihlaya elifika kuqala emqondweni wakhe.  Kuba ngathi uyakhohlwa ukuthi kukhona nabantu abadala – abazali bethu!. Wawuphatha kahle umshado wami futhi abantu babejabule kakhulu, bomile insini. Esikhathini esizayo, ngizothi akabheke ukuthi abathameli bakhe obani.” – Nkululeko

Umeme ozokuphophotha

“Usuku lami lomshado lwalulude kakhulu. Kuningi obekwenzeka ngenxa yesiko lami. Ngangifisa ukuba muhle usuku lonke. Ngenhlanhla, usbari wami wenzana ubuso ngokomsebenzi. 

Lokhu kwasho ukuthi ubuso bami babubuhle kusukela ekuseni kwaze kwasa – izinkophe zingazibekile phansi!. Mema umuntu ozokwenza ubuso abe khona usuku lonke emshadweni. Uthi angeza nomuntu omphelezele ukuze angabi nesizungu. Ngokwenza lokhu, uba nesiqiniseko sokuthi kukhona umuntu okugadile ukuthi uyisimomondiya ngosuku lakho.” – Sanelisiwe

Ukululekwa komshado kubalulekile

“Ngaphambi kokuthi abantu bashade, ngibona kuwumqondo omuhle ukuthola ukululekwa komshado ndawonye. 

Ngokwenza lokhu, wenza isiqiniseko sokuthi izinkinga ezingase zibekhona emshadweni seniqalile nakhuluma ngazo. Kunezinto okungelula ukukhuluma ngazo uma uthando luselusha, ngakho ke ukuba nomuntu ozonisiza ngalokhu kubalulekile. 

Hlalani phansi nixoxe kabanzi ngekusasa lenu. Kuyosiza umshado wenu.” – Ndumiso

Thola umthwebuli ozothatha izithombe emshadweni wakho

“Sengike nganaka ukuthi abantu abaningi bathola umthwebuli ozothwebula bona bodwa kanye nabakhaphi. Thola umuntu ozothwebula okwenzeka esontweni. Kukho konke emshadweni wami, ngathanda okwenzeka enkonzweni yethu. Kumnandi ukukwazi ukubona izithombe eziveza umyeni wami engibuka ngisondela kuyena; nokubona sengivuma ukuba unkosikazi wakhe. Kunento enhle futhi eqotho ngalokho. Kumele kuthwebulwe!” – Nkululeko

Into ebalulekile kukho konke ikuthi nijabule ngosuku lwenu. Lufika kanye lolusuku ngakho ke, nilithokozele! Ninganaki izinto ezincane ezingenamsebenzi. Khumbulani ukuthi lolusuku isiqalo sek’sasa lenu nindawonye. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Be Wise - Find your ideal plan with Stangen

We understand that you want to make wise choices that suit you. Use our cover calculator to easily get an idea of your cover requirements.

Need assistance? We'll call you back.

Why not subscribe?

What can you expect from us? We promise to keep content on this site relevant and useful so that you can make wise money choices.
Every time we knock out another great piece of “stay financially wise” content, we will send you a notification via email.