Ama-Super-Mama Anakho Konke

Ukwakha ikusasa lakho kuwumsebenzi onzima futhi odinga isikhathi sakho kanye nesineke sakho. Kufanele ukwazi ukubekezela, kodwa uphinde ube nesibindi sokumelana nazo zonke izinselelo ongase ubhekane nazo. Kufana ncamashi nobunina, ubunina bufuna umuntu onesineke, onothando, kanye nesibindi. Uma kokubili lokhu sekuhlanganisiwe, kulula ukuzizwa usuhanjelwa yikhanda, ngezinye izikhathi uzizwe ngathi uyisehluleki.

Khululeka ngoba awuwedwa ozwa leyomizwa. Baningi omama abasebenzayo abafana nawe -kodwa baqhubekela phambili ngokukhulu ukuzikhandla.

Naba abathathu ababelana ngohambo lwabo lokuba omama abasebenzayo.

Nontokozo

Ukuba umama osebenzayo nokuba nezingane ezimbili kunzima. Ngapha ufuna ukuphumelela ngokomsebenzi, ngapha ufuna ukuba uMama oqotho kubantwana bakho.

Ngiyawuthanda kakhulu umsebenzi wami futhi uyangijabulisa kodwa nezingane zami ngizithanda kakhulu, ngokwedlulele futhi. Ngangiwumuntu ophilela umsebenzi wakhe, ngakho-ke ukuziguqula ngibe umama wekhaya akuzange kubelula. Ngenhlanhla, umyeni wami uyangeseka ngaso sonke isikhathi.

Inselelo enkulu engibhekene nayo ukuzinikela emsebenzini kanye nasendlini ngokufana. Ngifisa sengathi isikhathi besingafana njalo. Umsebenzi wami ubaluleke kakhulu kumina – yilona ifa lezingane zami; kodwa kusizani uma ngingeke ngizinake izithandwa zami? Ngisafunda ukuba umuntu osiphatha kahle isikhathi.

Into emnandi ngokuba umama osebenzayo ukuthi ngiyakwazi ukuba umhlinzeki ophelele wezingane zami. Kumnandi ukwazi ukuthi izingane zami zilala njalo zidlile, zifudumele futhi zijabulile. Kumnandi ukubathengela izinto abazithandayo. Okudlula konke, kuyangijabulisa ukuba yisibonele esihle kubona, babone ukuthi ukusebenza ngokuzikhandla kuba nomthelelo onjani empilweni yakho.

Ngingamcebisa ngalokhu umama osebenzayo:

  • Nikeza izingane imisebenzi wasendlini, uzikhokhele uma basebenze kahle. Kuzwakala kuyisimanga, kodwa sengibone ukuthi izingane zami ziyafunda ukuthi mawusebenza kanzima, ungazuza. Kuphinde kubasize baqonde ukuthi kungani ngihlezi ngisebenza.
  • Zifundise ukunqaba uthi ‘Cha’. Lokhu kungakusiza kakhulu emsebenzini. Kunabantu abangaqondi ukuthi unempilo ngaphandle komsebenzi. Kubalulekile ukwazi ukuthi “Cha”. Ngeke ngikwazi ukuhlala kuze kuse ngisebenza ngoba ingane yami iyangidinga namhlanje, izobhala isivivinyo kusasa’. Kuyokusiza kakhulu!

Sithembile

Ngathola ukuthi ngikhulelwe, kwangithatha isikhathi ukuthi ngibone ubukhulu besimo sami. Indodakazi yami isinezinyanga eziyishumi nanhlanu kodwa namanje ngisafunda, ngisamangala futhi ngithobile.

Inselelo engibhekene nayo njengoba ngiwumama, ngiphinda futhi ngisebenza, ukunqoba lelicala engizithwese lona. Ngike ngifune ukuqhubekela phambili ngokomsebenzi, kube nzima ngenxa yomgqigqo engiwenzayo ongase ulimaze ingane yami. Akuve kunzima. Kumele ngihlezi ngizikhumbuza ukuthi kukhulu engizokuzuza ekugcineni, okuzophinda kusize nengane yami.

Okuhle ukuthi nginabantu abaningi abangisekayo ngoba bayasiqonda isimo sami.

Ngingamcebisa ngalokhu umama osebenzayo:

  • Ungazithwesi amacala kakhulu. Muhle kakhulu umsebenzi owenzayo
  • Kumele uzinike isikhathi sakho wedwa. Noma kungaba imizuzu engu-30 ngosuku. Phuza amanzi, uphumule.
  • Zitholele ibhande lokubopha isisu

Masibonge

Izinto engifisa engabe ngangizazi ngaphambi kokuba ngibe nezingane:

  • Ngifisa engabe ngangazi ukuthi imali isiyoba uphunyuka bemphethe! Akukho okungakulungiselela lokho
  • Uma ingane yakho isihamba i-creche, kuba ngathi uphindela emuva ngokwesikhathi. Kumele ukwazi ukujabulisa ingane yakho, ube umuntu ohlezi enamandla okuyijabulisa.
  • Izingane zikhuliswa umdlandla, umfutho nokuthakasa kwakho. Kubalulekile ukuthi uvikele umoya wakho kanye nowengane yakho.

Izinselelo engibhekana nazo njengoba nginguMama osebenzayo:

  • Umsebenzi wami ufuna ngisebenze kanzima futhi ngokuzikhandla. Ngenxa yalokho, ngihlezi ngizizwa sengathi ngibanga isikhathi sokusebenza nengane yami.
  • Akubona bonke abantu abaqondayo ukuthi ukuba umzali umsebenzi onzima kanjani uwodwa. Emsebenzini, abanye bayakhohlwa ukuthi ngezinye izikhathi, ngisuke ngilale amahora amathathu kuphela ngenxa yokuthi ingane yami ibingavumi ukulala, igula.

Ngingamcebisa ngalokhu umama osebenzayo:     

  • Thola into ongayenza nomndeni wakho. Mina nomyeni wami savumelana ngokuthi njalo ngoMgqibelo ekuseni, sizobe sindawonye kanye nendodakazi yethu. Esikhathini esiningi siyazikhipha siyodla isidlo sasekuseni njalo ngoMgqibelo.
  • Imina ngedwa ophekayo kwami. Isinqumo engazithathela sona. Ngiyakuthanda ukupheka, ngakho ke sengikwazi ukupheka isidlo sasebusuku ngemizuzu engamashumi amathathu nanhlanu. Ngokwami, yiso lesi isikhathi sami sokuthi nginakekele umndeni wami zonke izinsuku.

Kuyohlezi kukhona into engaphazamisa isikhathi osakhele umndeni wakho, ngakho-ke kubalulekile ukuthi usilondoloze futhi usivikele. Ukwazi ukusihlukanisa isikhathi sakho ukuze ukwazi ukunaka umsebenzi wakho kanye nezingane zakho ngokufana kungaba yinto enhle kakhulu kodwa uma kungenzeki kahle, ungazithwesi icala ngoba ekugcineni wenza konke okusemandleni akho. Lokho kuyancomeka!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Be Wise - Find your ideal plan with Stangen

We understand that you want to make wise choices that suit you. Use our cover calculator to easily get an idea of your cover requirements.

Need assistance? We'll call you back.

Why not subscribe?

What can you expect from us? We promise to keep content on this site relevant and useful so that you can make wise money choices.
Every time we knock out another great piece of “stay financially wise” content, we will send you a notification via email.